I-KwaZulu Private Ambulance Service iphendule engozini eyenzeke ku-Emondlo Road ngase-Vryheid ekuseni.
Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi izimoto ezimbili okuhlanganisa nemoto yamaphoyisa zishayisane kanzima nokuholele ekutheni zombili lezi zimoto ziphume esandleni ziphaphalaze ziginqike.
Ngeshwa, abantu abahlanu abebephakathi bashonile okuhlanganisa nephoyisa ebelishayela lemoto yamaphoyisa.
Ngaphezu kwalokho, abantu abathathu bathole ukulimala kanzima. Balashelwe endaweni abezimo eziphuthumayo ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole usizo lwezempilo.
Iziphathimandla ziphenya ngezimo eziholele kule ngozi enyantisayo.