Owesifazane oneminyaka engu-32 ubudala obephuzile ukhunyulwe washaywa wumphakathi ngemuva kokuba eshiye ingane yakhe enezinyanga ezimbili izelwe ingenamuntu ephuza utshwala nabangani.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe esigabeni sesi-6 eWaterloo – KZN cishe ngehora lesine ntambama. Lapho efika, Amalungu e-RUSA athola isixuku esikhulu sizungeza owesifazane onqunu. Babemshaya ngezinduku.
Kutholakale ukuthi lo wesifazane ushiye ingane yakhe ingagadiwe kusukela izolo (ngoMsombuluko) ntambama kanti ubeziphuzela utshwala nabangani. Omakhelwane bezwe kukhala ingane bangena endlini. Balususa usana balunakekela. Unina edakiwe ubuyile ntambama wacela ukuthi ingane ibuyiselwe kuye. Umphakathi wabe usubuthana wamshaya.
Bakhala ngokuthi akusona isigameko sokuqala sokulahlwa kwengane. Lona wesifazane unezinye izingane ezine ezineminyaka ephakathi kwemibili neshumi nanhlanu. Wazisa amaReaction Officers ukuthi ungumama ongafanele futhi uhlose ukuthuthela ingane eHarding – KZN ukuze ihlale nezingane zakubo kanye nogogo wayo. Amalungu e-RUSA axhumane nomndeni wowesifazane obungazi ukuthi ulahla usana.
Ingane inikezwe u-anti ngesikhathi iziphathimandla ziphenya kabanzi.