Imeya yomaspala Umsinga uMhlonishwa uCCLR Dr JF Sikhakhane uthi uMaspala waseMsinga usuthuthuke kakhulu kuleminyaka embalwa edlule.
UDr Sikhakhene usho kanje ekhuluma emsakazweni womphakathi Ikhwezi FM izolo. Lokhu kuza emva kokuba lomaspala ubungaza ukutholakal kwawo ungenagcobho ekusetshenzisweni kwezimali. USikhakhane uthi lokhu kufakazela ngokusobala ukuthi zonke izinkinga ezaziqaqele lomaspala seziphelile, sekusele lezo nje ezejwayelekile ezikhona nakwabanye omaspala,
“Siyazi sonke ukuthi uMsinga ubuwaziwa ngezimpi zezigodi nodlame phambilini, kodwa manje lokho sesikuzwa ngendaba. Lokhu kwezimali ke kona kuwubufakazi bokusebenza kanzima kwethu singuMaspala ukugcina iziethembiso esazenza emphakathini, Futhi sisaziqhubeka nokusebenzela umphakathi.
Lomasapala ongomunye kwabambalwa abatholakale ukuthi izimali zonke zisebenze ngendlela obekumele zisebenze ngayo.