Abadayisi abasesebenzela emikhukhwini eseRenke yaseZakheni bacela usizi Kumaspala wase-Alfred Duma nasoThukela ngemumva kokuba ngesonto eliphelile umlimlo washa ubuhanguhangu wacekela phansi imikhukhu yabo eyishumi.
Labo somabhisinisi bathi ngokuzwa kwabo amalungu omphakathi ayejaha abantu okukholakala ukuthi babegangile emphakathi, laba bantu babaleka bangena emikhukhwini yabo kwazise ayivaleki kahle. Yilapha ke labantu bavele bayithungela ngomlilo ngoba bethi bashisa labantu abagangayo kanti sebephule amaplanga baphuma babaleka kwasha imikhukhu kuphela.
Kanti omunye walaba badayisi uRas Zabalaza oshelwe umkhukhu wakhe uthi bacela nje ukuthi umaspala ubazame ngesitoko nje Sabo ngoba sebezamila bayivusa imikhukhu yabo kodwa isitoko sizibashodela njengoba kungabaholidi nje.
Uthi babuhlungu kakhulu ngoba lamaphara enza ubungebengu bese ebalekela kulemikhukhu yabo kanti yakhiwe ngama plangwe kwesinye isikhathi ayayiqhekeza abagangele.