INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala iyalele owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, ukuthi akhokhe imali engaphezu kuka-R2 million kwiSouth African Social Security Agency (Sassa).
Yimali eyakhokhela ukuvikelwa kwakhe kwangasese ngo-2013, nokwalowo owayengumkhulumeli wakhe ngaleso sikhathi, uLumka Oliphant, nezingane zabo.
Ngesikhathi engungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uDlamini wengamele inkontileka yophiko lwezokuphepha eyagunyazwa ngabakwaSASSA.
UDlamini no-Oliphant bebethi basatshiswa ngemuva kokuthi isikhungo sezenhlalakahle sinqamule ukukhokhela abahlomuli mbumbulu ngo-2012.
Lokhu kwalandelwa wukugqekezwa emzini kaDlamini ngo-2013 lapho kwebiwa khona ikhompuyutha yakhe.
Ngonyaka odlule, iNkantolo eNkulu yasePitoli yakhipha isinqumo sokuthi uDlamini, u-Oliphant, kanye nesikhulu sakwa-SASSA uVirginia Petersen babe necala lokukhokha imali yabakhokhi bentela.