Amaphoyisa avimbe okunye ukushushumbiswa okukhulu kwezidakamizwa e-OR Tambo International Airport. ICrystal meth, engabiza u-R6 million, itholwe ifihlwe etafuleni le-pool kwesinye sezitolo kulesikhumulo sezindiza ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe uthi kukholakala ukuthi izidakamizwa bezizothunyela e-Australia.
Akekho osaboshiwe okwamanje kodwa banethemba lokuthi abasolwa bazoboshwa maduze.
“Silandela yonke imigudu ukuze sithole umsuka wezidakamizwa eNingizimu Afrika, nokuthi ngubani ohambise umthwalo. Amaphoyisa asesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ayaqhubeka nokubopha abashushumbisi bezidakamizwa kanye nenqwaba yezidakamizwa cishe masonto onke.”