AbeRoad Accident Fund (RAF) bakhiphe isexwayiso esishubile mayelana nezinsolo zokukhwabanisa nokuziphatha budedengu emigwaqeni, igcizelela ukuthi ngeke ibakhokhele abantu abadala izingozi ngamabomu.
“Lokhu kuziphatha kuyingozi futhi kufaka ingcindezi engadingekile esiKhwameni, okumele sihlole futhi siphenye ngezicelo ezifanele,” kusho i-RAF.
I-RAF yacacisa ukuthi izicelo zabantu ababangela izingozi ngamabomu, eziholela ekulimaleni okubi kakhulu noma ukufa, ngeke zinxeshezelwe. “Uma kwenzeka beshona, i-RAF ayibanxephezeli abahlomuli balabo abangabasunguli beshwa labo,” kuchaza iSikhwama.
Umthetho we-RAF udinga ukuhlolwa kwephutha, ukusola, kanye nobudedengu ngaphambi kokucubungula izicelo. Nakuba i-RAF iqhakambisa izinselelo zenhlalo-mnotho ebhekene nabantu abaningi baseNingizimu Afrika, i-RAF igcizelele ukubaluleka kokubeka eqhulwini ukuphepha emgwaqeni ukuze kugwenywe izingozi.
Phakathi kuka-2021 no-2024, i-RAF yenqabe izimangalo ezingaphezu kuka-49,000. Lezi zihlanganisa amacala lapho abafake izicelo bebanga izingozi, bafake izicelo zomgunyathi, bathole imihuzukwana, noma bashone ngaphambi kokuba izicelo zabo ziphothulwe.
I-RAF iphinde yagqamisa mayelana nezibalo mayelana nokufa kwabantu emigwaqeni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi. Kule minyaka emihlanu edlule, kushone abantu abayizi-7,987, kanti ama-84% enziwa ukuziphatha kwabantu. Abahamba ngezinyawo nabagibeli yibona abathinteke kakhulu, okubalelwa ku-40% no-33% wokufa, ngokulandelana, kulandelwe abashayeli (26%) nabamabhayisikili (1%).
Ukwengeza, iSikhwama sikhumbuze abantu baseNingizimu Afrika ukuthi asinxeshezeli ukufa ngokwaso kodwa sikhokhela izindleko zangempela zokushiswa kwesidumbu noma zokungcwaba.
I-RAF inxuse bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi baziphathe kahle, ikakhulukazi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, ukuze kwehle izingozi futhi kuphephiswe izimpilo zabantu.