UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, usezwakalise ukukhathazeka ngokuphathwa kwezibhamu esidlangalaleni, wanxusa izakhamizi ukuthi zilandele umthetho ukuze kuphephe wonke umuntu.
Kwivideo yeTikTok enenxusa lezokuphepha emgwaqeni u-Ayanda Msweli, uMkhwanazi uchaze imithetho yezibhamu waxwayisa nangobungozi bokusetshenziswa kwezibhamu ezingekho emthethweni.
“Uma unesibhamu, kumele sifihlwe,” esho. “Izibhamu ezinkulu kumele zigcinwe ziphephile esikhwameni, ezincane zifakwe eholster. Amaphoyisa asemsebenzini kuphela avunyelwe ukuphatha izibhamu obala. Ngisho nonogada abazimele abakwazi ukwenza lokhu.”
UMkhwanazi uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngezikhali ezinamandla njengezibhamu.
“Kungani abantu bephethe izikhali ezihloselwe impi, njengezibhamu? Lezi zibhamu zenzelwe ukusetshenziswa uma kunembpi, hhayi ukuzivikela,” usho kanje.
Ukugcizelele ukuthi ukushaywa indiva imithetho yezibhamu akugcini nje ngokuphula umthetho kodwa kwenza imiphakathi izizwe ingaphephile.
UMkhwanazi uphinde wakhuluma ngezokuphepha emgwaqeni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, wathi kumele kulandelwe imithetho yomgwaqo.
“Amatekisi angekho esimweni sokuba semgwaqweni angenazo izimvume awakwazi ukuthola isinxephezelo sikahulumeni uma ebandakanyeka ezingozini,” echaza. “Sibona nokugijima budedengu kwabashayeli bezimoto ezibizayo, abakhipha izinombolo ukuze bagweme amakhamera ahamba ngesivinini esiphezulu.”
UKhomishana unxuse umphakathi ukuthi usebenze ngokuzibophezela ukuqinisekisa ukuphepha emigwaqeni nasemiphakathini.