Owesilisa uyelulama esibhedlela ngemuva kokugwazwa, ngesikhathi kugetshengwa endaweni yakhe yokwelapha enyakatho yeTheku. Abezokuphepha nabezimo eziphuthumayo bagasele endaweni yesigameko eNewlands West ngoLwesihlanu.
Abezimo eziphuthumayo eKZN bathi kuyaqondakala ukuthi umlisa obehlomile ungene ngodli kulendawo wazama ukuphoqa lodokotela ukuthi amnikeze imali nokunye obekukulendawo.
Okhulumela i-VIP eKZN, uGareth Naidoo uthe umsolwa ugwaze udokotela amanxeba amaningi.
“Umsolwa uzame ukubaleka kodwa wavinjwa ngamalungu omphakathi. Ube esebanjwa abezokuphepha.”
“I-ambulensi ye-KZN VIP kanye nezinye izinsiza zikwazile ukusimamisa udokotela owayelimele kakhulu ngaphambi kokumhambisa esikhungweni sezokwelapha ukuze aqhubeke nokuhlolwa.”