KUBOSHWE abasolwa ababili ngezinsolo zokuzama ukuqola unina wowesilisa osolwa ngokudlwengula u-R15 000. Abasolwa ngoSibusiso Comfort Banda noNontobeko Elsie Nyandeni kuthiwa bafuna le mali ukuze bahoxise amacala okudlwengula.
Icala livele ngesikhathi unina kamsolwa ebikela iziphathimandla ngemizamo yokuqola imali. Ngokusho kukaCaptain Lloyd Ramovha, okhulumela uphiko loKlebe eGauteng, isisulu sokudlwengulwa kanye nozakwabo baye kumama kamsolwa ngemuva kokuvela enkantolo kwendodana yakhe. Bathi bazowasula amacala okudlwengula uma ebakhokhela u-R15 000.
Ithimba le-Serious Crime Investigation loKlebe lingenelele, laqala uphenyo. “NgoLwesihlanu, ngomhla zingama-29 kuLwezi, 2024, umkhankaso waholela ekuboshweni kwabasolwa esiteshini esimaphakathi sesitimela ePitoli njengoba bamukela imali engu-R15 000,” kusho uRamovha.
Lesi sicelo sokuqola saziswa kumphenyi ophethe icala lokudlwengula, nokwenze oKlebe basukumela phezulu. Abasolwa babanjwe ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi kanti bebengazi ukuthi baqashwe ngeso lokhozi. Ngemuva kokuboshwa kwabo, bagcinwe esiteshini samaphoyisa ePretoria Central.
URamovha uwuncomile umzamo wokusebenzisana, wathi, “Lo msebenzi ube yimpumelelo ngenxa yokuxhumana phakathi kwamaphoyisa nophiko loKlebe oluphenya ngenkohlakalo.”
UBanda noNyandeni manje babhekene namacala okukhwabanisa, ngaphezu kwecala lokudlwengula elibhekene nendodana yowesifazane.