INkantolo eNkulu yaseMpumalanga iyalele abe-Road Accident Fund (RAF) ukuthi bakhokhe u-R1.2 million wesinxephezelo sikaNokuthula Gwebu, inyanga eyathinteka kabi izinzwa zephunga nokunambitha engozini yemoto eminyakeni emibili edlule.
UGwebu uqale wafaka isicelo ku-RAF sokuthi akhokhelwe amademeshe ajwayelekile kanye nezindleko zokwelashwa ezizayo, isikhwama savuma kodwa sachithwa isicelo sakhe sokukhokhelwa kokulahlekelwa yizinzwa zakhe. i-RAF yaphikisana nesicelo sakhe sokulahlekelwa umsebenzi wakhe wokwelapha kanye nokuba khona kwebhizinisi lakhe lokudla ngaphambi kwengozi.
Esinqumweni esikhishwe muva nje, inkantolo ivume ukwehluleka kukaGwebu ukufeza umsebenzi wakhe njengomelaphi wendabuko ngenxa yokulahlekelwa iphunga nokunambitha—izinzwa ezibalulekile emsebenzini wakhe. UGwebu waphikisa ngokuthi lokhu kuphazamiseka kuphazamisa ikhono lakhe lokwenza amasiko athile, njengokuhlonza amakhambi esintu.. Ngaphezu kwalokho, uthe ibhizinisi lakhe lokupheka abeliphethe nodadewabo liphazamisekile ngenxa yengozi nokulimala kwakhe.
UGwebu ubuye wagqamisa isimo esibuhlungu ngokwengqondo nangokomzimba kule ngozi, okubalwa nezibazi ebusweni, athe kwenze kwaba nzima ukuthi axhumane namakhasimende. Ukuze asekele icala lakhe, wafaka ochwepheshe, kuhlanganise nodokotela ohlinzayo wepulasitiki, udokotela wezinzwa, udokotela wamehlo nodokotela wezengqondo.
IJaji L. Coetzee linqume ukuthi uGwebu ulahlekelwe kakhulu yimali engenayo ngenxa yalengozi wabe esemkhokhela u-R1.2 million wamademeshe.
“Ukulahlekelwa iphunga nokunambitha kommangali, izinzwa ezibucayi ezidingekayo emsebenzini wakhe njengomelaphi wendabuko, kuphazamise kakhulu ikhono lakhe lokwenza umsebenzi wakhe wokwelapha,” kusho isahlulelo.
Umklomelo uhlanganisa izinhlinzeko zokwelashwa kukaGwebu esikhathini esizayo kanye nokulahlekelwa umholo. UJaji Coetzee uchaze inani “njengelilungile futhi lifanele” uma kubhekwa ubunzima bokulimala kwakhe kanye nomthelela empilweni yakhe.