Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo abahlanu abasolwa ngokuba yizigebengu ngemuva kokuboshwa kwabo eMzinto ngoLwesithathu. Amaphoyisa abambe laba balisa lapho kwakhiwa khona kulandela imibiko yokusatshiswa kosonkontileka nokuqolwa kwabo izimali zabo kulendawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe bathole laba basolwa besabisa abasebenzi enkontilekeni befuna ukuthi bayeke ukusebenza.
“Abasolwa baboshwe ngokusemthethweni bathweswa icala lokusabisa nokubamba inkunzi. Imibiko iveza ukuthi abasolwa baqale ukuya lapho kwakhiwa khona izikhawu ezimbili ngoNovemba 2024 kanti kuthiwa basabisa abasebenzi.
“Abasolwa bebebatshela ukuthi akukho msebenzi okumele wenziwe kuze kube kubanjwa umhlangano phakathi kwabasolwa nalabo ababhekele ukulungiswa kwesikhungo samakhono. NgoLwesithathu, abasolwa baphindele endaweni beyophazamisa umsebenzi, amaphoyisa asheshe aphendula, kwaze kwaboshwa abasolwa.
Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseVulamehlo eDududu ngoLwesihlanu.