uKhomishana wamaphoyisa kwaZuluiNatal uJenene Nhlanhla Mkhwanazi uthi amaphoyisa akulesi sifundazwe azophuma umkhankaso wokuphenyisisa bonke abadiyisa inyama emaRenke amatekisi kanye nasemgaqweni.
UMkhwanazi uthi loku bazokwenza ngenxa yokuthi kuyavela ukuthi iningi lezinkomo ezebiwayo alisafuywa kepha liyahlatshwa maqede inyama yayo idayiselwe abadayisi basemgwaqeni, ” thina singamaphoyisa sizozama ukuqinisa umthetho kubo bonke abantu abadayisa inyama emgwaqeni ukuze sikwazi ukulwa nalesi sihlava sokwebiwa kwemfuyo. Sekuyenzeka ukuthi uthenge inyama kumuntu edayisa eRenke kanti uthenga inyama yenkomo yakho eyebiwe. Uma sikuthola udayisa inyama, kuzomele ukwazi ukuchaza ukuthi inyama yayo uyithathephi.” Kuphetha uMkhwanazi.