Abahlanu abasolwa ngokuba ngongqondongqondo ekuqhunyisweni kwama-ATM badutshulwe bafa, oyedwa waboshwa kulandela ukudubulana nethimba lezinhlaka ezahlukene Emalahleni, eWitbank, ekuseni, zi-2 kuZibandlela wezi-2024.
I-Tactical Management Operational Section (TOMS) yoKlebe, i-SAPS Special Task Force (STF), kanye ne-Falcon Risk Security basebenze ngokobunhloli okukhombisa ukuthi kuzoqhunyiswa i-ATM endaweni yase-Witbank. Lo mkhankaso ubaholele eSchoongezicht, lapho kuthiwa abasolwa bebebuthene endaweni ephephile.
Ithimba libambe imoto emhlophe yohlobo lweToyota Hilux ebiyamaniswa nabasolwa. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumisa imoto, abasolwa bavulele ngenhlamvu, kwaqubuka impi yezibhamu. Kushone abasolwa abahlanu, kwaboshwa umsolwa oyedwa olimele.
Abomthetho bathole izikhali, okuhlanganisa isibhamu i-R5, isibhamu sokuzingela, izibhamu ezintathu zohlobo lwe-9mm, neziqhumane. Imoto esetshenziswe abasolwa isaphenywa.
ULieutenant General (Dr/Adv) Godfrey Lebeya, oyiNhloko kuzwelonke yoKlebe, uncome isenzo esisheshayo seqembu. “Sinxusa izigebengu ezingase zibe khona ukuthi ziyeke lezi zenzo, ngoba ziholela emiphumeleni emibi. Amaqembu ethu azohlala eqaphile,” esho.
Uphenyo ngalesi sigameko kanye noxhaxha lwezigebengu lusaqhubeka.