Emzamweni obonakalayo wokulwa nobubha kanye nokuthuthukisa ukukhiqizwa kwezolimo, iMeya kaMasipala Wendawo Inkosi Langalibalele, uCllr. UMduduzi Myeza, uhole umcimbi wokunikezela ngempahla yezolimo endaweni yasePhofini, eWeenen, mhla zingama-28 kuLwezi wezi-2024.
Lolu hlelo luyingxenye yemizamo kaMasipala yokuxhasa abalimi, ukukhulisa ukukhiqizwa kokudla okusimeme, nokudala amathuba ezomnotho emiphakathini yendawo. Ekhuluma kulo mcimbi, iMeya uMyeza igcizelele ukuzibophezela kukaMasipala ekuthuthukiseni ezolimo ezindaweni zasemakhaya, nokuhambisana ne-IFP’s 13-Point Plan Manifesto 2024.
“Emikhankasweni yethu yokungena umuzi nomuzi sibone imindeni eminingi idla imbuya ngothi, ikakhulukazi imizi ephethwe izingane idonsa kanzima ngenxa yokuntula ukudla. Ukubhekana nalokhu, sathembisa ukubeka eqhulwini ukutholakala kokudla njengesisekelo sokuthuthukisa imindeni esengozini. Ukulima kusewumthombo obalulekile wengcebo nokuzimela, kanti izinhlelo ezifana nalezi zizoguqula imiphakathi zithuthukise nendlela yokuziphilisa,” kusho iMeya uMyeza.
IMeya iphinde yakhuthaza abantu abasha ukuthi bahlole imikhakha yezolimo, egqamisa ukubaluleka komhlaba nezinsiza zawo ekwakheni ikusasa elisimeme.
Izimpahla zokulima ezanikezwa zazihlanganisa imbewu ebalulekile njengommbila omhlophe, amazambane, uphizi, amantongomane kanye ne-butternut, kanye namathuluzi afana namabhala, amathini okunisela, nezifutha ze-knapsack. Lezi zinsiza zihlose ukuhlomisa abalimi ngamathuluzi abawadingayo ukuze baphumelele.
Libonga, ilungu lomphakathi lendawo lithe, “Sibonga kakhulu ngalolu xhaso. Imizi eminingi isikhululekile emizabalazweni yayo.”
Abebephelezela iMeya kulo mcimbi iPhini leMeya uCllr. N.S. Dladla, uSomlomo woMkhandlu uCllr. S.W. Khumalo, ward Cllr. S. Buthelezi, Cllr. S.E. Mchunu, kanye nenduna yendawo uMnu. Manana.
Lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala ekukhulumeni ngokulethwa kwezidingongqangi eziguquguqukayo, ukuhlomisa abantu bendawo ukuthi bafinyelele amakhono abo futhi baqhubekisele phambili ukukhula komnotho.