INHLANGANO yabalimi i-African Farmers’ Association of South Africa (AFASA) isizwakalise ukukhathazeka ngomthelela wezomnotho wokubheduka kwesifo samatele KwaZulu-Natal. Leli gciwane selisabalele kuMasipala uPhongolo, lithinta abalimi abancane kanye neziqiwi.
UMnyango Wezolimo wethule imithetho eqinile yokulawula ukuthuthwa nokufuduka kwezinkomo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo, kodwa abalimi besaba ukuthi imingcele izophazamisa kakhulu imali yabo, ikakhulukazi ngaphambi kwesikhathi samaholidi.
UMnuz Mbongeni Skhakhane, onguSihlalo we-AFASA e-KZN, uthe lesi sifo sibahlelhisela emumva njengabalimi. “Njengomlimi, ngabe usubala ukuthi ngizodayisa isitoko sami esiningi. Manje, ugcina ulahlekelwe yimali eningi. Kubuhlungu ukuba ngumlimi olindele ukuthola imali ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi,” usho kanje.
Lokhu kuqubuka kugqamisa izinselelo eziqhubekayo abalimi ababhekene nazo, abathi bazizwa bengasekelwa uhulumeni ngalesi sikhathi esibucayi.