Inkantolo yesiFunda KwaNongoma igwebe umfana oneminyaka engu-15 ubudala, iminyaka engu-43 ebhadla ejele ngemuva kokutholakala enecala lokubulala uthishanhloko, ukweba isibhamu, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nokubamba inkunzi esebenzisa isihluku. Isigwebo sakhishwa zingama-21 kuLwezi wezi-2024.
NgoMgqibelo, 22 April 2023, leli bhungu lagebenga labulala u-Alpheus Mphumuzeni Ntuli owayeneminyaka engu-61 ubudala ngaleso sikhathi. UNtuli obenguthishanhloko eBhekintinta High Shool KwaNongoma kwabikwa ukuthi udukile ngalolo suku. Ngesikhathi amaphoyisa eshayela esiteshini samaphoyisa ephuma emakotishi aseBhanganoma lapho okuhlala khona uNtuli, abone imoto yakhe ihamba emgwaqeni uMkhuze. Kuthe uma befika umsolwa wasuka ngesivinini kodwa wayishiya imoto wabaleka ngezinyawo. Ngemva kwesikhashana isidumbu sikaNtuli satholwa silahlwe eduze nosebe lomfula ngaphansi kwebhuloho endaweni yase-Odwaleni. Isidumbu sakhe sitholwe sinamanxeba avulekile ekhanda nemihuzuko emzimbeni wonke.
Amaphoyisa athungatha umsolwa lapho ehlala khona kwaSnqandi endaweni yakwaToyisa nokuyilapho atholwe khona nesibhamu nezinhlamvu abezintshontshe kumkhulu wakhe. Leli bhungu laboshwa lavela kaningi enkantolo ngaphambi kokuba liwavume wonke amacala, nokuholele ekutheni ligwetshwe.