Owesifazane waseVhembe, eLimpopo, ukhungathekile ngemuva kokwebiwa kwezimali zeqembu lesitokofela ngesikhathi lilungiselela ukuhlukanisa imali yamaholide. “Angazi ukuthi ngizobhekana kanjani nezingane zami kulo Khisimusi,” esho ekhala izinyembezi ukuthi yonke imali eziyisebenzele kanzima isiphelile.
Iqembu likaRachel, elizinze emadolobhaneni aseTsianda naseHa-Mashau eduze kwaseThohoyandou, lalibeke ngokucophelela unyaka wonke, libekela eceleni imali yesitokofela abajwayele ukusehlukanisa ngesikhathi sikakhisimuzi. Bathi besaqoqana nje bebala imali ababeyigcinile, kwagasela abesilisa ababehlomile emhlanganweni wabo babakhomba ngezibhamu bashaya bachitha nemali engu-R248,390 bathatha nezingcingo zabo.
Lona wesifazane ongumama wezingane ezintathu ongasebenzi, ubebeka u-R200 njalo ngenyanga, evame ukusebenzisa imali yesibonelelo sikahulumeni yezingane zakhe ukuze anikele. “Benginethemba lokuthi ngizothengela izingane zami izingubo zikaKhisimusi,” kusho yena. “Manje angazi ukuthi ngizoyitholaphi imali yezimpahla zokugqoka noma yesikole. Kubuhlungu inhliziyo.”
Elinye iqembu lesitokofela esigodini saseHa-Mashau lilahlekelwe u-R150 000 esigamekweni esifanayo. Laba besifazane basola ukuthi kukhona owazi kahle umzuliswano wabo wokonga kungenzeka ukuthi ubikele abaphangi, abahlela ukuhlasela ukuze kuhambisane nenkokhelo yesitokofela.
Okhulumela amaphoyisa uVuledzani Dathi uziqinisekisile zombili izigameko wathi uphenyo luyaqhubeka. U-Rachel nabanye besifazane abathintekile bathemba ukuthi iziphathimandla zingayibuyisa imali yabo, ebihloselwe ukondla imindeni yabo.
*Igama lishintshiwe ukuze libe yimfihlo.