Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUCELWA IMIBONO YOMPHAKATHI MAYELANA NOKUSHAWA KOMTHETHO WOKUFINYEZA UKUTHOLAKALA KALULA KOGWAYI KULELI

Posted on 11 November 2024

Ikomidi lezempilo ePhalamende liKwaZulu-Natal ukuzolalela imibono yezakhamizi, ikakhulukazi intsha, mayelana nesiphakamiso semithetho kagwayi. Libhekise amabombo eGreenwood Park eThekwini ngeSonto ekuseni.

“Kulabo abeseka lo mthethosivivinywa, bathi empeleni unomthelela othile esimweni sempilo. Bayakwamukela ukuthi umthethosivivinywa awukona ukuvala ugwayi ngokuphelele kodwa owokulawula futhi ube nezinyathelo nemithetho, ikakhulukazi ngokufaka umoya,” kusho usihlalo wekomidi. Dr Sibongiseni Dhlomo.

Leli komiti libambe izigcawu zokulalelwa kwezimvo zomphakathi ezindaweni eziningi okubalwa kuzo eRichards Bay naseMgungundlovu.

Umthethosivivinywa uhlose ukulawula ukuthengiswa, ukukhangisa, ukusetshenziswa kwemikhiqizo kagwayi.

NgoMgqibelo ikomiti lihlangane nomphakathi waseMbali kuWadi 15 ehholo lendawo.

UDhlomo uthi ngemuva kokuxoxisana nomphakathi bazocubungula izethulo ezenziwe izinhlangano ezahlukene.

“Ngibona sengathi kuzoba matasa ngoFebhuwari nangoNdasa, ngasekupheleni kuka-Ephreli. Sizobe silalela abafuna ukuza ngokusemthethweni bazokwethula. Ngemuva kwalokho sizohlangana noMnyango wezeMpilo sithi yilokhu abantu baseNingizimu Afrika abakushoyo.”

Ikomiti libambe ezinye izigcawu eGreenwood Park Community Hall ngo-10 ekuseni kwaze kwaba ihora lesi-3 ngeSonto ntambama.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme