Seliqinisejkise ukwethembeka kwalo kuMholi we-EFF elinye lamalungu alenhlangano emva kokumemezela kokushiya kuleliqembu kwalowo owayengusihlalo walo u-Advocate Dali Mpofu.
Izindaba zokusula kukaMpofu kanye nokujoyina kwakhe iqembu loMkhonto Wesizwe zivele namuhla ekuseni emva kwenkulumo abe nayo nomsakazeli womphakathi u-SABC. Ilunga laleli qembu uMnumzane Carl Niehaus ubhale ekhasini lakhe lakuTwitter ukuthi noma bengahamba bonke yena uzosala eqenjini le-EFF.
UNiehaus ukhuluma kanjena nje isiningi inkombankombane yokuthi ngabe ubani okungahle alandele ekushiyeni leliqembu njengoba kubukeka sengathi iningi labaholi balo abanohlonze bathutheleka eqenjni le-MK. bheka umbhalo kaNiehaus ngezansi:
Thank you my #CIC, President @Julius_S_Malema, we will follow your clear and principled leadership. Let the betrayers leave, we are better off without them. I for one am going nowhere. I have made a clear, and unequivocal choice for the @EFFSouthAfrica. The #EFF is the only… pic.twitter.com/ffQIIPJn0E
— Carl Niehaus (@niehaus_carl) November 7, 2024
Okunye okwenze kwaba nokuqagela okukhulu ngaloludaba yilokho okushiwo ngumholi waleliqembu uMnumzane Julius Malena naye obhale kuTwitter ukuthi kusekhona ababili abasasele kulaba okufanele bahambe eqenjini,
“Zimbili kuphela izintandokazi zenu ezisele, futhi uhlu luzophothulwa kungekudala. Bacula kamnandi futhi bahlale bezimisele ukuthwebula izithombe nani, kodwa khumbula, imiphefumulo yabo kade yahamba eqenjini. Ukuze ugweme noma yikuphi ukulimala okungenzeka, kubalulekile ukulalela isiqondiso sobuholi. Sisamile futhi kasiyi ndawo,” kubhala uMalema
Only two more of your favourites remain, and the list will be finalised. They sing beautifully and are always willing to pose for pictures and sign roll calls, but remember, their souls are long gone. To prevent any potential hurt, it’s crucial to heed the guidance of the…
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) November 7, 2024