UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe Nokubambisana ukhiphe iseluleko sezokuvakasha eMozambique ehlaselwe imibhikisho. UChrispin Phiri walo mnyango uthi ngenxa yesimo sezokuphepha esikhona eMozambique, uMnyango ukhuthaze bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlehlise ukuhambela okungabalulekile kuleliyazwe kuze kube kuphinde kwaziswa.
“IMozambique ibhekene nokuqubuka kwemibhikisho ngemuva kokhetho lukazwelonke. INingizimu Afrika izwakalisa ukukhathazeka ngokuqubuka kwezigameko zodlame ngemuva kokhetho futhi iyazisola ngokushona kwabantu nokucekelwa phansi kwempahla, siyaphinda siyaligcizelela ikhwelo elenziwa abaholi abehlukene. eMozambique ezikhundleni zomthetho ukuze ziphenye ngokushesha lezi zigameko futhi abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho,” kusho uPhiri.
INingizimu Afrika ivale okwesikhashana iPort of Entry yaseLebombo ngoLwesithathu, njengoba kunemibiko yokuthi izimoto ziyashiswa, njengoba ziya ngokushuba uthuthuva oluhlobene nokhetho. Kodwa ezakamumva zithi usuvuliwe lomzila ukuze izimoto ezincane ziqhubeke zihambe.
UPhiri uthe bacela ukuthula.
“INingizimu Afrika icela ukuzola nokuzibamba, ukuze kuvunyelwe uhlelo lokhetho ukuthi luphothulwe ngempumelelo, futhi kunikeze iNkantolo yoMthethosisekelo yaseMozambique isikhathi nendawo yokuqinisekisa imiphumela yokhetho ngokuhambisana nomsebenzi wayo.”