Abasolwa ababili badutshulwe bashona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMahlabathini esiFundeni saseZululand ngoLwesithathu ebusuku, mhla ziyisi-6 kuLwezi wezi-2024.
Amaphoyisa ezobunhloli aqoqe ubufakazi ngabasolwa ababili abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo ebomvu okuthiwa bebesendleleni beyobulala umnikazi wetekisi eMahlabathini. Uphiko lwezobunhloli azame ukumisa imoto yabasolwa ebonakale ihamba emgwaqeni u-P700 eMahlabathini. Amaphoyisa asebenzise amalambu aluhlaza nama-siren ukuyalela umshayeli wemoto ukuthi ahlehle.
Umshayeli walemoto uvele wama phakathi nomgwaqo, abantu ababili abebephakathi emotweni baphume emotweni bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwase kuba nokudubulana. Ngesikhathi sokudubulana, abasolwa ababili badutshulwe balimala kabi. Kutholwe izibhamu ezintathu nezinhlamvu kubasolwa. Uphenyo lokuqala luqinisekisile ukuthi esinye sezibhamu kwabikwa ukuthi sebiwe eMacekane Reserve eMthunzini ngoJanuwari 2024.
Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sesigameko kanti izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azixhumene nanoma yiziphi izigameko zobugebengu esifundazweni nasezindaweni ezizungezile.