Ingozi yemoto eyenzeke eTembisa ebandakanya umdlali weSekhukhune United uShaun Mogaila ngoLwesithathu ekuseni iholele ekufeni kwentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye kwashiya umfana oneminyaka engu-13 elimele kanzima.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni uThabiso Makgato, isigameko senzeke ngezithuba zabo-07:30 emgwaqeni u-Andrew Mapheto ngesikhathi iHyundai, ebishayelwa ngumama wengane eneminyaka engu-9 ubudala, ishayisana neBMW. Izingane bezisendleleni eya esikoleni, kanti ingane endala eneminyaka engu-13 ingumakhelwane wazo. Ngokudabukisayo, intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ishonele endaweni yesigameko, kwathi unina nomfana baphuthunyiswa esibhedlela saseTembisa belimele kanzima.
UMakgato uthe uMogaila obeshayela imoto yohlobo lwe-BMW ubalekile endaweni yesigameko.
Ngesikhathi amaphoyisa efika, athole amabhodlela otshwala emotweni yohlobo lweBMW, kanye nezidakamizwa okusolwa ukuthi ziyi-cocaine nensangu. Kuvulwe icala, amacala ahlanganisa elokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu, nokushiya indawo yengozi.