INkantolo eNkulu yasePitoli izwe ukuthi uhulumeni udinga ukuchibiyela imithethonqubo mayelana nesibonelelo sikahulumeni sokusiza abantu abahluphekile ukuze sifinyelele kwabanye. I-Socio-Economic Rights Institute ithi izigidi zabantu abafanenwe ukuthola uxhaso abalutholi ngenxa yeminye yemigomo okudingeka zihlangatshezwe okungelula neze ukuthi zenzeke.
I-Ejensi Yezokuvikeleka Komphakathi yaseNingizimu Afrika, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye noNgqongqoshe Wezezimali kudingeka baphendule kuleli cala.
Ummeli walesi sikhungo u-Advocate Jason Brickhill, walesi sikhungo, utshele inkantolo ngoLwesibili ukuthi lolu hlelo kumele lulungiswe.
“Lokhu kusithwesa umthwalo onzima njengeqembu elithi abamele lolu daba balusukumele lolu daba bagxile emalungelweni abahlomuli besibonelelo sikahulumeni kanye nendlela yokulungisa izinkinga ezikhona ekuphathweni kosizo lomphakathi..
“Ngenxa yalokho, siyakwamukela ukuthi umgcinimafa kazwelonke uye washiya amaphuzu amaningana ezobuchwepheshe ahlobene nokucela, ukukhululeka kanye namanothi esiphakamiso futhi esiqondayo ukuthi ukuvumile njengengxenye yosizo olufunwa abafake izicelo.”
Inkantolo isalalela izimpikiswano zeSERI.
Kulindeleke ukuthi umnyango wethule udaba lwawo ngokuhamba kwesikhathi.