Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BABOSHWE EMNAMBITHI ABASOLWA NGOKUDUBULA BABULALE ABAHLANU EMTSHEZI

Posted on 29 October 2024

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abathinteka ecaleni lokubulala abantu abahlanu e-EMtshezi. NgeSonto, oshayasibhamu abayisithupha abebezifihle ubuso bavulele ngenhlamvu emzini oseNyezane.

Umsolwa, oboshwe ngeSonto, uvele enkantolo yendawo ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uRobert Netshiunda uthe laba abanye abahlanu babanjwe e-Acaciaville eMnambithi ngoMsombuluko.

Ngokwesitatimende samaphoyisa eSAPS, umkhankaso oholwa ngabeCrime Intelligence ngoMsombuluko ntambama mhla zingama-28 kuMfumfu (October) uveze indawo lapho abasolwa bebecashe khona e-Acaciavale, eMnambithi. Abasolwa abahlanu batholwe becashe ekamelweni baboshwa. Batholakale nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK-47 nezinhlamvu ezingu-115, izibhamu ezimbili ezinezinhlamvu ezingu-12, i-.38 Special revolver eyodwa nezinhlamvu eyodwa, kanye nemoto abayisebenzise ngesikhathi bebaleka endaweni yesigameko. .”.

Uthi bathole izinhlobonhlobo zezibhamu.

“Kuphinde kwatholakala nemoto abebebaleke ngayo endaweni yesigameko. Esinye sezibhamu ezitholiwe ngesowesilisa obulawe ngesikhathi kudutshulwa abantu ngeSonto. Uphenyo luphinde lwaholela amaphoyisa emzini oseZakheni lapho kutholwe khona esinye isibhamu. . Izibhamu ezitholiwe zizoyiswa kohlolwa ukuze kuqinisekwe ukuthi azixhumene yini nezinye izigcawu zobugebengu esifundazweni nasezindaweni ezizungezile.

“Abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-46 bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi ngoLwesithathu ngamacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

“Emuva kwalokho bazoyiswa e-Estcourt ukuyobhekana namacala amaningi okubulala. Umsolwa, 28, oboshwe ngeSonto uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Estcourt ngoLwesibili ngamacala okubulala.”

Uthe kukholakala ukuthi bayathinteka emacaleni okwebiwa kwemfuyo nawokubulala endaweni.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme