I-ANC inxuse uhulumeni ukuthi asheshise ukuqinisa imithetho yezitolo zeSpaza.
Lokhu kulandela ukwenyuka kwamacala okusolakala ukuthi anoshevu ekudleni athinta izingane.
Ziningi izigameko ezibikiwe kule nyanga ezibonakala zihlobene nezingane ezithenga ukudla okulula ngaphandle kwezikole.
NgoLwesihlanu kuboshwe abane eGauteng mayelana nokushona kwezingane eziyisithupha okusolwa ukuthi zenzeke esigamekweni esifanayo eSoweto.
Ngesonto eledlule eMtubatuba, bangaphezu kuka-40 abafundi abahlaselwe wukugula kade bedle izibiliboco zomuntu odayisa ngaphandle kwesikole.
Ekhuluma emhlanganweni oyisipesheli we-NEC izolo, uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uthe bakhathazeke kakhulu.
âSiyasamukela futhi isenzo esihlangene seminyango eminingi, ngaphansi kobuholi bukangqongqoshe wezempilo ekuphenyeni ngembangela yokulaliswa kwezingane esibhedlela ngenxa yokudla okusolisayo.
Ongqongqoshe bezempilo namaphoyisa bazokwethula umbiko ekuseni ngophenyo lwabo ngesigameko sokubulawa kukaNaledi ushevu, kanye namanye amacala ezweni.