Inhlangano i South African National Civic Organization (SANCO) eGeneral Lambert Moloi Region eMzinyathi Ibenengqungquthela yokukhetha ubuholi kulempelasonto esisuka kuyona.
Iphini lika sihlalo omusha kulenhlangano ophinde abayikhansela kumaspala waseNquthu uMnuz Joe Motloung uthi ingqungquthela yabo ihambe kahle kakhulu ayibanga nazihibe.
uMotloung uveze ukuthi bayayiseka iNkosi yakwa Ngobese ngesinqumo sayo nezinduna zesizwe sokudingisa abokufika endaweni yaseNquthu abangenamaphepha okuba kuleli.
u Motloung uthe beyinhlangano yeSanco bazimisela ukusebenzisana neNkosi yakwaNgobese kuloludaba labokufika, “nathi sinazo izinhlelo zokuhambela izitolo zabo sibheke ukuthi banazo yini izimvume zokuba kuleli, uma bengenazo sinazo izinhlaka esisebenza nazo ezizosisiza ukuthi babuyele emakhaya kodwa laba abanazo sizobatshela ukuthi abakwazi ukwenza amabhizinisi anjengezitolo ezincane nokunye.” kusho uMotloung
Uthi bazocela uNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu kwaZulu Natal uMnuz Sipho KK Nkosi ukuthi bazokwenza uOperation Syahlola babheke ukuthi nezindlu zomxhaso zihlala obani. Uma kukhona umuntu ongahlali kulendlu oqashise ngayo kuzomele bamephuce banike umuntu oyidingayo ngoba akekho umuntu okumele aqashe endlini kahulumeni.
UMotloung uthinte nodaba oluthinta umaspala wasemzinyathi, uthi beyi SANCO bakhathezekile indlela umkhandlu waseMzinyathi owenza ngayo, abantu badinga amanzi kodwa kuqashwa i Generater ngemali engu R1 million ngenyanga.
Uveze nokuthi basazofuna izimpendulo ngaloludaba wanxusa umphakathi ukuthi ungathuli uma kunezigameko ezinje.