IKhansela lakuWard 7 kumaspala i-Alfred Duma uKhulekani Mdluli uvele kafushane phambi kwenkantolo kamantshi yaseZakheni ngecala lokushaya nokulimaza.
Imibiko ithi umdluli washaya uMnumzane Mvelo Mkhonza ngenduku enebhawodi ngempelasonto edlule waze walaliswa esibhedlela. uMkhonza, ongowaseMcitsheni khona kwiwadi yakhe uMdluli, washawa wanaba enatshiswa yilo ikhansela ngenduku. Kuthiwa akagcinanga ngokumshaya ngenduku enebhawodi kuphela, kepha wabuye wamcancatha nangocelemba.
Akukacaci namanje ukuthi bekubangwani kuze kulinyazwane nje.
Okhulumela uMndeni wakwaMkhonza uMnumzane Mlando Mkhonza uthi lento ibathusile njengoba bengomakhelwane nje futhi lomuntu owenze lesigameko umuntu ongabe nguye obavikelayo njenge khansela lendawo. UMkhonza uqhube wathi, umfowabo uthi ube esevula icala lokushawa esiteshini samaphoyisa eZakheni. Ucele kakhulu ukuthi umthetho udlale indima yawo ngoba kwabona sebehlalele ovalweni ngalesigameko.
Leli cala lihlehlele umhlaka 5 kuDecember 2023 nokuyilapho kulindeleke ukuthi umsolwa efake khona isicelo sebheyili.