Uthisha waseLimpopo uMaserole Mojela uhambe nezindondo eziphezulu esigabeni sobuhle ekufundiseni iziFundo zeNatural Sciences emkhosini weNational Teaching Awards.
Kuhlonishwe kwaphinde kwahlonya uphaphe lwegwalagweala othisha bakuleli kulo mcimbi obuse-Ekurhuleni, empumalanga yeGoli izolo.
Lo mcimbi uhlangane nosuku lwe-International Teachers’ Day.
UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo wasungula lomcimbi wezindondo eminyakeni engu-24 edlule ukuze ahloniphe othisha abasebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.
UMojela, ofundisa eSemorishi Primary School eGa-Matlala, uthi impumelelo yakhe iyisibonelo esikoleni nasemndenini wakhe.
Ngakolunye uhlangothi, uMotlatjo Maake waseKgapane High School endaweni yaseBolobedu uqokwe njengonqobe indondo ekufundiseni iPhysical Sciences.
Uthi lolu khetho lumnikeza ugqozi lokuqhubeka nokusebenza ngokuzimisela nabafundi bakhe.
“Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu futhi ngifuna ukubonga wonke umuntu ongisekelayo, kusukela esikoleni kuya esifundeni, esifundazweni, kanye nesifundazwe ngokujwayelekile. Ukunqoba kusho ukuthi indlela engiyisebenzisayo ekilasini iqondile, nemikhuba yami iyasiza abafundi bami, nokuthi ngiyakwazi ukuthuthukisa mina uqobo ukuze abafundi bami bazuze. Ukuya phambili, lokhu kuzoba yisikhuthazo kimi nabafundi bami ukuthi sisebenze ngokuzikhandla.”