Umkhandlu Wezimali Zezingozi Emgwaqeni (i-RAF) uthi ubhekene nobunzima ekutheni uqhubeke usebenza, ngenxa yokuthi intela kaphethiloli ayikashintshi iminyaka emithathu ilandelana.
U-RAF usebenzisa kuphela kwimali evela kwintela kaphethiloli ezweni, esele ku-R2.18 kusukela ngo-2021. Ngesikhathi somhlangano nabezindaba ehhovisi eliyinhloko eCenturion ngoMsombuluko ekuseni, abaphathi be-RAF baveze imiphumela yokusebenza ka-2023/24. I-RAF ikhokhele ama-R45 billion kwabafake izicelo ngesikhathi sika-2023/24.
I-CEO ye-RAF, uCollins Letsoalo, uthe izindleko ezinkulu kakhulu abahlangabezana nazo izindleko zezomthetho.
“Inkinga enkulu kakhulu izindleko zezomthetho. Sihlangabezana nezindleko zezomthetho ezifika ku-R3.9 billion.”
Uqhube wathi ngenxa yendlela evamile yezinkampani zezomthetho ezizama ukuyihlomula i-RAF, bathathe isinqumo sokuzama ukuxazulula izimangalo ngokuvumelana. Uthe, benyuse izixazululo ngaphandle kwenkantolo ngo-20% kule minyaka emithathu edlule.
“Lokhu kufinyelele ku-81.9%. Lapho siqala, kwakuza ku-61.2%.”
ULetsoalo uthe akasho ukuthi akwenyuswe intela kaphethiloli kodwa ufisa ukuthi kube nokusatshalaliswa kahle kwezinsiza zikahulumeni. Uthe i-RAF akufanele ikhokhele abantu ngezinkokhelo ezinkulu kodwa kunalokho kufanele kube imali ekhishwa kancane kancane (annuity).