Ucwaningo olwenziwe yinhlangano ebhekelele ukunakekelwa kwezingane emhlabeni wonke jikelele, i-Theirworld, lukhombisa ukuthi ingxenye yesithathu yezingane ezingena isikole eNingizimu Afrika azikwazi ukubona nokufunda amagama azo. Lolu cwaningo luqhutshelwe kothisha abayizinkulungwane ezimbili emhlabeni jikelele.
UMengameli we-Theirworld, uJustin van Fleet, uthe balinganiselwa ku-38% othisha eNingizimu Afrika abathi iningi lezingane ezisuke zizoqala ibanga lokuqala zisuke zingakakulungeli ukuqala isikole.
Lokhu kusho ukuthi izingane azikwazi ukwenza imisebenzi elula efanele iminyaka yazo, njengokugeza izandla, ukuya endlini yangasese zodwa, ukubona izinhlamvu, amagama alula noma amagama azo. Ingxenye yesithathu yabafundisi ithe izingane ezingenela isikole eNingizimu Afrika zisele ngemumva kakhulu uma ziqhathaniswa nezingane ezangenela isikole eminyakeni embalwa edlule.
Abafundisi abaningi bakhomba ukungabi khona kwezemfundo esezingeni eliphezulu ephathelene nokufunda kwezingane ezincane kanye nezikole zokuqala.