Izikhulu zakumaspala wase Barnes ezweni lase Belgium zisohambweni lwezinsuku ezilishumi ku maspala wase Nquthu.
Inhloso ukwakha ubudlelwane obujulile ikakhulikazi kwezokuvakasha kanjalo nokudala amathuba aqinile kwezomnotho nemisebenzi kubantu abakhele indawo yase Nquthu. Loluhambo luza ngemva kokuba umeya wase Nquthu waveza ukuthi uyafisa ukuthi amazwe omhlaba ahambele eNquthu njengedawo enomlando ojulile.
Lezithunwa zizohambela indawo yase Sandlwana nendawo yase Ncome yilapho kunomlando ojulile ngezimpi zika Zulu nama Ngisi .
Imeya yaseNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala uthi ziningi izinhlelo abanazo nezwe lase Belgium njengoba ake akuveza ukuthi ufisa ukuthi kube nesigcina magugu somlando kaZulu namaNgisi endaweni yase Sandlwana futhi ifisa ukuthi indawo yase Sandlwane yakhiwe njenge ndawo yezokuvakasha ezoba nezindawo zokulala kanjalo nezinkudla zemidlalo eyahlukene.
Uveze ukuthi naye uzokwenza uhlelo lokuthi aye e Belgium ayofunda ngendlela nangokuphathwa kukahulumeni ukuthuthikisa iziqala sizinda kahulumeni kanjalo nokwakhiwa kwamathuba imisebenzi nakunxenxa abantshali zimali.
Uthi lezithunywazaseBelgium zizohamba emvakwezinsuku ezilishumi nalapho bona njengo maspala bazobe sebefunde okuningi.