Utholwe eshonile owesilisa (30) waseThekwini, uMnuz Siba Olwethu Dlamini, isidumbu sakhe sigezwe ogwini eSouth Beach, eThekwini, ngoMgqibelo. UDlamini kubikwa ukuthi udukile ngesonto eledlule, umndeni wakhe uphendukele ezinkundleni zokuxhumana ukuze uthole usizo, kanti izinkulungwane zabelana ngezithombe zakhe zomuntu olahlekile. Ugcine ukubonakala ephuma ehhotela eliseThekwini ngoLwesithathu ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe idokodo lophenyo esiteshini samaphoyisa asePhoyinti.
“Amaphoyisa asePhoyinti abhalise idokodo elizophenya kulandela isigameko lapho kwatholwa khona isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-30 eSouth Beach, eThekwini, ngoSepthemba 4,” kusho uNgcobo.
Naphezu kwemizamo yokuthola umndeni kaDlamini, abakaze baphawule. UPrem Balram, okhulumela iReaction Unit South Africa (Rusa), uveze ukuthi uDlamini ugcine ukubonakala ebhukha ehhotela eliseThekwini ngoLwesithathu.
“Ngokusho kwezithombe ze-CCTV, ubonakale ebheke olwandle ngezithuba zabo-10:00 ebusuku, kanti ubengakaze abonakale kusukela ngaleso sikhathi. Izimpahla zakhe, okubalwa umakhalekhukhwini nokhiye bemoto, zishiywe egunjini lehhotela,” kubika uBalram.
NgoMgqibelo, iziphathimandla zaziswe ngesidumbu esitholwe sigezwe eSouth Beach. Umndeni kaDlamini ngokuhamba kwesikhathi uhlonze isidumbu sakhe emakhazeni asePhoenix. Uphenyo ngokufa kwakhe lusaqhubeka.