Ziyaqaqamba izinhliziyo zamaciko aseBergville ngakubiza “ngokuvalelwa ngaphandle” emcimbini wamaciko obuseBergville kulempelasonto.
Lamaciko akhala ngokuthi iMeya yalomaspala uKhansela Vikizitha Mlotshwa uhlele indumezulu yomcimbi wokuhlonipha amaciko kodwa wawavalela ngaphandle amaciko endawo kanye namanye adumile adabuka khona endaweni yasoKhahlamba.
Omunye walamaciko esiligodlile igama lakhe uthi lento ibakhathaze kakhulu, “UMeya wenze umcimbi okhethekile wabiza osaziwayo laba abangabalingisi abadumile kodwa akangabiza ngisho oyedwa walaba abasafufusa noma abangabokudabuka kumaspala Ukhahlamba, thina sibona sesibona kuFacebook wakhe uMeya kuvela laba balingisi bejabulela ukuhlonishwa ngezitifiketi. Lento thina siyibona ingukuvalela ngaphandle amaciko endawo ayiholayo neyamvotela”, kunaba leli ciko.
Nebala zikhona izithombe ezifakwe kuFacebook wemeya ezinabalingisi abadumile abafana noLeleti Khumalo, Thembi Mtshali kanye nabanye abehlukahlukene. Kukhona nombhalo othi,”Yes kuhambe kahle…”
Nanoma ihluleke yancama imizamo yephephandaba ukuthola iMeya ukuthi aphawule, kodwa leliphephandaba lithole ukuthi lokhu kwamukeliswa kwezitifiketi kwenziwe uMeya ebonga abalingisi abebehambele uMcimbi “Amagatsheni Thanks Giving” okungumcimbi obuhlelwe ngumdidiyeli yemidlalo kamabonakude odumile odabuka khona oKhahlamba uDuma Ndlovu kwaBus’obubanzi izolo.