Amalungu omphakathi eZakheni, KwaB, ashaqekile ngemva kokuthola umbungu estamkokweni ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokukhuculula izitamkoko endaweni. Lo mbungu utholwe ema-one-room eZakheni.
Amawphoyisa easelokishini eZakheni abikeliwe ngaloludaba kanti kuze kwafika isikhathib sokushicilela kungakaziwa ukuthi lombungu ulahlwe ngubani futhi nini. Amaphoyisa nabezimi eziphuthumayo sebefikile endaweni yesigameko.
Uzokhumbula ukuthi kwenza lokhu nje akukapheli neviki elilodwa vo kutholakale ingane ilahliwe kweminye yemifula khona kulendawo, nokuvele ukuthi ilahlwe ngunina osafunda isikole emva kokungaboni ngaso linye nomndeni wakubo kwengane.
Lentombazanyana eneminyaka engu 17 igcine iboshiwe yathunyelwa ejele lezingane eNewscastle.