Ithimba lamaphoyisa kaMasipala weTheku lisanda kuqhuba umkhankaso womshoshaphansi e-Heavenside, e-Chatsworth, okuyisizinda esidumile sezinto ezithinta izidakamizwa. Ngesikhathi amaphoyisa esebenza, ahlangane neFord Ranger esiliva esolisayo. Abesilisa ababili abebesemotweni bamise imoto yalamaphoyisa ebingamakiwe ukuthi eyamaphoyisa.
Kuthe uma kuphenywa kwatholakala ukuthi umshayeli obengunogada ubephethe isibhamu ngaphandle kwezimvume ezidingekayo. Bobabili lonogada kanye nozakwabo abakwazanga ukunikeza incazelo ezwakalayo ngokuphatha lesi sibhamu ngaphandle kwamaphepha afanele.
Amacala avulelwe abasolwa ahlanganisa:
- Ukuba Nezibhamu Ezimbili Ngokungemthetho
- Ukuba Nezinhlamvu Ngokungemthetho
Izinto ezilandelayo zishaqwe:
- 9mm Taurus G3 handgun
- Isibhamu se-Diplopoint (DM4)
- Izinhlamvu ezibukhoma ezingama-91
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala, uColonel Boysie Zungu, ugcizelele ukubaluleka kokulandelwa kwemithetho yezibhamu, wathi, “Amaphoyisa kaMasipala weTheku asazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu, kuhlanganisa nabasophikweni lwezokuphepha, bayayilandela imithetho elawula ukuphathwa kwezibhamu. Lesi sigameko sikhombisa ukubaluleka kokutholakala kwezibhamu. ukuqapha kanye nokuhlolwa okuphelele ukuze kugcinwe ukuphepha komphakathi.”
Abasolwa kumanje bagqunywe esitokisini, uphenyo lusaqhubeka njengoba besalinde ukuqhubeka necala.