UGogo waseSekhukhune esifundazweni saseLimpopo uquleke ebambe ulayini wokuhola imali yempesheni ngoLwesithathu eMoutse Mall.
UMariah Mathabatha oneminyaka engu 85 wase Ntwane eDenilton ngaphandle kwase Groblersdal, ubengaphathekike kahle futhi engafanele ukuma kulayini.
Uphuthunyiswe esibhedlela iPhiladelphia nokuyilapho kutholakale ukuthi ubengasekho emhlabeni.
Ngokusho koMshana kagogo uJohn Mathabatha uthi lesigameko sokuwa kukagogo wakhe kulayini bekungesina esokuqala.
UMathabatha uthi ngesikhathi befika esikhungweni uAnti wakhe wazise umsebenzi wakwa Sassa ukuthi akaphilanga kahle nobe esephendula ngokudelela ukuthi kuzomele abekezele.
“Bekusobala ukuthi uAnti akaphilanga abekudinga nje bekulusizo lolu angalutholanga” kusho uMathabatha.
Kuthiwa izaguga kudala zikhala ngokuma isikhathi eside ngenxa yolayini abade abadalwa ngukungasebenzi kwemishini kanye nokunye kodwa kungenziwa lutho.
Okhulumela uSassa kulesiya sifundazwe uTebogo Tshipi, uthi kube buhlungu kakhulu ukuzwa ngokudlula kuka Gogo, bazothumela ithimba ukuyophenya ngembangela yalesehlakalo.
Abantu bathi izikhungo ezaziseduze nasemakhaya zazingcono kakhulu kunalendlela yamanje.