Sebelinda ugandaganda kakhansela ngemiphongolo nangezigubhu abantu base Dukuza e Bergville ukuze bathole amanzi okupheka nokuwasha.
Kanti lopmhakathi uthi usugada nje ukuduma kukagandaganda sebeyazi ikhansela namanzi bathi sebebe nenkinga yeminyaka yamanzi kodwa selokhu ukhansela waqala ukubalethela ngo Gandaganda sekuncono kakhulu.
Ukhansela wendawo uMnuz Philani Zwane nguye owenza lomsebenzi wokulethela abantu bakhe amanzi ngalo Gandaganda wakhe. UZwane uthi ngokubuka isimo wanquma ukuthi asebenzise ugandaganda ukuphakela abantu amanzi ngoba kunenkinga yamanzi ewadini lakhe.
Nomakunjalo uMangethe uthi ithangi laGandaganda wakhe lincane alibaniki kahle abantu amanzi yize efisa ukubanika bonke ngesikhathi kodwa akakwazi ngenxa yabuncane balo.
Ukhansela uZwane uthi usezoba nenkinga manje ngoba kungena ihlobo uGandaganda ngeke usasebenza ngendlela ejwayelenkile ngoba usuzobuyela emsebenzini wawo wokulima kodwa unethemba lokuthi kuzosebenzeka.