Esigamekweni sokuphanga esashaqisa othisha, izigebengu zigasele eMsizeni Combined School eTugela Ferry, eMsinga, zatshontsha imali engu-R42,000 yesitokofela ebesidlalwa othisha kanye namakhompyutha esikoleni. Lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule ngesikhathi izigebengu ezine ezihlome ngemimese nesibhamu, zibophe unogada wesikole ngezintambo zezicathulo zabe sezimvalela kwelinye igumbi.
Kuthiwa izigebengu zithathe amakhompyutha awu-12 nama-laptop amane, okuyimpahla ebalulekile yokufundisa. Umthombo osondelene nalesi sikole uveze ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona uthisha osebenzisane nezigelekeqe ukuze zithole le mali yesitokofela.
“Angiboni ukuthi bezizofuna amakhompyutha kuphela. Kuyacaca ukuthi beyihlalele imali yesitokofela. Abebesazoyiyisa ebhange, kodwa ngenxa yezinsuku zokuya emsebenzini, kwaphoqa ukuthi isale ikhiyelwe esikoleni,” kusho lo mthombo.
UNksz Nelisiwe Thusini, ongusihlalo wesigungu esengamele isikole, uthe ukweba le mali nothenga impahla yesikole kubaphazamise kakhulu.
“Umsebenzi wabafundi omningi ube ugcinwe kumakhompyutha antshontshiwe, kusale amathathu kuphela. Siphakamisa ukuthi abazali bahlanganyele ekuthengeni amakhompyutha ukuze abafundi baqhubeke nokufunda,” kuchaza uNksz Thusini.
Okhulumela amaphoyisa aseKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMsinga ayaphenya icala lokugqekeza.