Ngomhla zi-3 kuMandulo wezi-2024, uNgqongqoshe wezokuPhepha, nokuXhumana koMphakathi eMpumalanga uJackie Macie wahola ithimba lamaphoyisa emkhankasweni owawungalindelekile ezikoleni ezine endaweni yamaphoyisa eMasoyi. Lo msebenzi ubuyingxenye yoHlelo Lokuphepha Ezikoleni, olwenziwa ngokubambisana noMnyango wezeMfundo nezinye izinhlaka ezithintekayo, okuhloswe ngazo ukunqanda udlame nokusetshenziswa kwezidakamizwa kubafundi.
Izikole okubhekwe kuzo iBhekiswako, iSiphumelele, iKhanyisani neLungisani, zonke ezihlonzwe wuMnyango wezeMfundo njengezidinga ukungenelela ngokushesha. Umkhankaso wokusesha ububandakanya amalungu oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), izikhulu zoMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, Amaphoyisa Omgwaqo, nezinye izikhulu zezokuphepha zoMnyango Wezokuphepha Komphakathi, Ezokuphepha Nokuxhumanisa (DCSSL), kanye namaphoyisa. eDolobheni laseMbombela.
Ngesikhathi kuseshwa, kuthathwe izinto ezahlukene eziyingozi nezinto ezingekho emthethweni okubalwa kuzo imimese, iphinifa, izando, insangu, ugwayi ongekho emthethweni namaphilisi agayiwe. UNgqongqoshe uMacie uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokutholwa, egcizelela ukubaluleka kokugcina indawo yokufunda ephephile.
“Izikole kumele kube yizindawo zokufunda, hhayi izizalela zezigebengu zakusasa,” kusho uNgqongqoshe uMacie. Ugcizelele isidingo sokuqhubeka nokuvakasha okungamenyezelwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi izikole zihlala ziphephile kukho kokubili ukufundisa nokufunda. UMacie uphinde wacela imiphakathi kanye nabazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekuqapheni izingane zabo kanye nokuqinisekisa ukuthi ziyahambisana nemithetho yokuziphatha yesikole.