Inentshisekelo yokucobelela abanye besifazane abasebencane ngolwazi lwezezimali intokazi yase Mnambithi
uSinokwethaba Nsutsha oneminyaka engu 24 ubudala wase mnambithi uthi unesifiso sokusiza ontanga yakhe ngokubacobelela ngolwazi lwezezimali.
Lentokazi yase Mnambithi endaweni yase steadville kodwa esazinze eGoli ngokusebenza, ithi yenze izifundo zesayensi kwi botany(study of plants) neChemistry engakayiqedi, wenza short course kwi Pharmacology kanye ne Anatomy and Phycology focusing kwicentral nervous system nge App eyaziwa nge Cursa.
Lentokazi esencane ithi uhlele umbuthano wentsha lapho azocobelela khona intsha ikakhulukazi abafundi abasemakolishi. Uthi isizathu salokho ukuba ufuna ukusiza abantu besifazane ukuba banakekele izimali baphinde bafunde ngokusebenza ngokuzikhandla bengabhekile ukusizwa ngabesilisa kodwa bazimele.
Umcimbi wakhe uthi uzoba seVezukhanya Farm edolobheni lase Bergville uthi unxusa bonke abafundi nabesifazane nje ukuba baze ngobuningi kuzocobelelana ngolwazi olunzulu kwezezimali nokushitsha izimo emakhaya abo ikakhulukazi ngoba naye ekhulele endaweni yasemakhaya lapho bekunzima ukuthola ulwazi kwezezimali noma esefike esikhungweni semfundo ephakeme kwakunzima kuba asebenzise ngokucophelela imali ka NSFAS ayeyithola.
Ubesenxusa kuba njengoba kuqala inyanga ka Mandulo okuyinyanga yokuqhakambisa amasiko ufisa kuba kube nezigxoxo lapho kuzohlanganiswa khona izintokazi ezisencane zikhuliswe ngeziyalo eziyizo kuze kugqugquzelwe nokuziphatha ukuze kugweme ukukhulelwa kwezingane ezisencane ikakhulukazi ezebala elinsundu.