Abantu abangu-21 bashone ezingozini ezintathu ezehlukene esifundazweni ngempelasonto.
Kushone abangu-12 engozini eyenzeke eGreytown ngoMgqibelo.
Enyakatho ye-KZN, kushone abantu abayisithupha ngesikhathi itekisi ebithwele amalungu ophiko lwabesifazane lwe-MK iwabhekisa eNkandla – igingqika yagqamuka amalangabi.
Kushone abantu abathathu okuhlanganisa nengane engozini eyenzeke KwaDukuza.
UDuma uzotshela abezindaba ngoMsombuluko ngezinhlelo zomnyango wakhe ngemindeni yabashonile.
“Kube yimpelasonto embi kakhulu yengozi eKZN,” kusho uNgqongqoshe.
“Sisebenzisana kakhulu neSAPS, sisebenzisana njengoMnyango wezokuThutha. Sizobe sivakashela imindeni. Babone ukuthi singasiza ngenxa yenqubomgomo: lapho kukhona abantu abangaphezu kwabahlanu ababandakanyeka engozini, umnyango uzongena kuwo.