Ngemuva kokuba yilungu lamaqembu amathathu ezepolitiki esikhathini esingaphansi konyaka, uColleen Makhubele uthe usethole ikhaya eqenjini loMkhonto weSizwe (MK).
Lowo owayeyilungu leCongress of the People (COPE) kanye neSouth African Rainbow Alliance (SARA) umemezele ngoLwesine ukuthi usejoyine inhlangano kaJacob Zuma.
Iqembu lakhe lakamuva, i-SARA, libe nemiphumela edumazayo okhethweni lukazwelonke olusanda kwenzeka, lihluleka wukuthola isihlalo esisodwa kuzwelonke nasezifundazweni ezimbili ebelingenele ukhetho.
UMakhubele uthe uxoshwe yiCOPE, kanti imiphumela engemihle yeSARA yokhetho isho ukuthi kumele abheke kwezinye izindawo ukuze aqhubeke nenhloso yakhe yokuthuthukisa izwe.
“Ngemuva kokuhlangana noMongameli Zuma kanye nobuholi beQembu Le-MK ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngaba nokuqiniseka ukuthi i-MK Party iyiqembu elinenhloso yokuhlanganisa, ukuhlanganisa abaholi base-Afrika, ukuhlanganisa [ndawonye] wonke la mabutho anenqubekela phambili, amaqembu amnyama. ngegunya elilodwa lokuguqula umkhondo walapho izwe lethu liya khona.”