UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, usenyuse ezokuphepha eMnambithi ukuze alungise izinkinga zokuthutha umphakathi nokuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli.
Umnyango usuphinde wavula i-Operation Shanela, namathimba omthetho ashanela ubugebengu emigwaqeni lapho kusebenza khona iKlipriver Taxi Association.
Kuze kube manje amaphoyisa asebophe amatekisi angu-17, amisa ayisikhombisa, abopha abantu abangu-16.
Isikhulu esiphezulu samaphoyisa emnyangweni, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, sibe nomhlangano ehhotela iMusgrave, eThekwini ngoLwesine lapho bekudingidwa khona amaqhinga okuletha uzinzo kulendawo.
UDuma ukhiphe isexwayiso kwabasebenza ngaphandle kwezimvume.
“Ngeke sisebenzise ukwesaba noma ukwenzelela uma kukhulunywa ngamatekisi angenazo izimvume zokuba semgwaqeni nazo zonke lezo zinto. Kumele sibophe lawo matekisi ngaso sonke isikhathi.”
Kulo mhlangano uMkhwanazi uveze ukuthi usoseshini wakulendawo unezinkinga zombango wobuholi.
“Usoseshini uzithola usungene shí kwzeepolitiki kuleya ndawo nokwenza ukuthi kube nezinkinga ezinkulu kuwo. Yangena iSantaco saphuma nemiphumela, kwahlakazwa uhlaka, kwadingeka ukuthi kuqokwe ubuholi obusha,” kusho uMkhwanazi.
Nokho uthe kusenezingqinamba yingakho becele iSantaco KZN ukuthi iphinde ingenelele.