Ugcine ephawulile uNdunankulu waKwaZulu-Natal ngesenzo sikasihlalo weqembu le-ANC KwaZulu Natal uMnumzane Siboniso Duma sokumephuca indebe yomhlaba yamaBhokobhoko ngesikhathi iivakashele kulesi sifundazwe ngeledlule njengengxenye yomjikelezo wombukiso wayo.
Kulevideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala umphathi wohlelo ememezela ukuthi uNdunankulu uzophakamisa lendebe ayikhombise izinkumbi zabalandeli, kodwa uDuma ubonaka egxuma kuqala eyithatha yena lendebe eyiphakamisela phezulu. UNdunankule ke yena ubonakala emile eduze kukaDuma naye ezama ukuyithinta lendebe kodwa ehluleka kwazise uDuma uyinsizwa elishiyile igabade.
Iningi labanti likubone loku njengokumeya UDube-Ncube, “kungani yena ehlale njalo egxambukela uma kumele kugqame uDube-Ncube” kubhala omunye esebenzisa uTwitter.
Uphiko lwabesimame lweqembu le-ANC i-ANCWL lukhiphe isitatimende lusikhahlela ngazo zombili lesi senzo sikaDuma. Kulesi sitatimende loluphiko luthi uDuma uphumile impela esandleni ngalesi senzo, futhi ukhombisa ukungawuhloniphi umthetho waleliqembu othi akuhlonishwe abesifazane ngendlela efanayo nokuhlonishwa ngayo abesilisa.
Khona manjalo, ubuholi bukaKhongolose kulesi sifundazwe sebuphumele obala bagxeka uphiko lwabesimame ngokukhipha lesi sitatimende. Lobubuholi ngomlomo waloyo okhulumela leli qembi esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnumzane Mafika Mndebele buthi i-ANCWL izama ukuhlukanisa phakathi ubuholi beqembu esifundazweni. “UDuma unomlando omude ekusimamiseni abantu besifazane. kuyamangaza ukuthi loluphiko nalo lulandela iningi ngokukhuluma into engaqinisekisiwe.” kusho uMndebele.
UNdunankulu yena ebuzwa ngalokhu uthe yena ungumuntu wesifazane ophelele futhi akakholelwa ekutheni khona umuntu ongamhambela phambili noma amehlise isithunzi,”ngicabanga ukuthi ngingumuntu wesimame ophelele, ngizimele futhi ngingumholi oqavile, angiboni ukuthi kukhona umuntu wesifazane okumele azizwe ehanjelwa phambili ngomunye umuntu.” kusho uDube-Ncube.