UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uzokhipha uhlelo lokushintsha komasipala abangasebenzi zingakapheli izinsuku ezingu-21.
Ubephendula emiphumeleni yakamuva yocwaningomabhuku lohulumeni basekhaya ePhalamende ngoLwesibili, eveze ukwehla ekuphathweni kwezimali zomasipala kusukela ngokhetho lwango-2021.
Imali engaphezulu kwezigidigidi eziyisikhombisa zamarandi esetshenziswayo engenanzuzo nemoshayo isibhalisiwe, kanti omasipala abangama-36 behlehlile emiphumeleni yabo yocwaningomabhuku onyakeni wezimali odlule.
UHlabisa uthe yinto egxile kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) ukubhekana nomasipala abangasebenzi.
Labo abaseFreyistata, eMpumalanga Kapa kanye naseNyakatho Kapa bazojabulela ukunakwa ngokukhethekile.
“Kulesi sikhathi esiyizinsuku ezingu-21 sizofuna ukuthola imininingwane yokuthi ngobani abakhona, yiziphi iziqu zemenenja kamasipala ngoba uma ujube ngendlela engafanele, awuzuwuthola umkhiqizo ofanele.
UHlabisa owake waba yimeya uthe nokho izinhlelo ezingcono zokuguqula isimo zizobhuntsha ukube abekho abantu abafanele ukwenza umsebenzi.
“Kuzofanele sikhulume namaqembu epolitiki atshala laba bantu. Lolu daba sizoluphakamisa kakhulu ngokuthi lolu wuhlelo lokuguqula izinto kodwa kumele luhambisane nentando yepolitiki.”
USihlalo wekomiti lePortfolio uZweli Mkhize uthe ukhathazekile ngokuhlehla kwemiphumela yocwaningomabhuku futhi uzophenya omasipala ngemibuzo ezinyangeni ezizayo, okuhlanganisa nokuthi kukhona yini ukugxambukela kwezepolitiki.