Intengo yephakethe lakho lama-fish ‘n chips isizokhuphuka kakhulu ngenxa yokushoda kwamazambane ezweni lonke.
Isaziso sithunyelwe umsabalalisi wemikhiqizo emisha i-‘M&R Marketing’ evela kwa-Epping mayelana nokushoda kwamazambane ngenxa yesimo sezulu esibi esithinta isivuno.
Abathengisi abakhulu baqinisekisa ukushoda okuzayo.
INingizimu Afrika inabakhiqizi abaningi bamazambane, kodwa abahlangabezani nesidingo.
Ukushoda kwamazambane kusho ukuthi intengo yamazambane namashibhisi aqandisiwe izonyuka phakathi kwamanje kuze kube sekupheleni kukaSepthemba.
Iphakethe lamazambane elingamakhilogremu angu-10 lingabiza cishe u-R180 kuya ku-R200.
U-Adam uthi isivuno kufanele sibe ngcono ngoNovemba, njengoba izitshalo zilulama ‘kusithwathwa esimnyama’, ngaleyo ndlela zenze amanani abejwayelekile.