Amaphoyisa aKwaZulu-Natal agasele endaweni yasePhoyinti eThekwini ngoLwesibili ekuseni.
Sekuqinisekisiwe ukuthi bangaphezu kuka-100 abantu bangaphandle abasolwa ngokuba ngabokufika ababoshiwe.
Iningi belihlala emabhilidini okuthiwa aduniwe kule ndawo.
Lo mkhankaso ubuhlose ukubhekana nezindaba eziphathelene nezibhamu ezingekho emthethweni, izakhiwo ezihlala abantu ngokungemthetho kanye nabantu bangaphandle ngokungemthetho.
Kumanje amakhulu abantu ababukele agcwele kule ndawo, izakhamuzi ezakhiweni ezahlukene zilunguze ngamafasitela ukuze zibone indawo yesigameko.
Uphiko lwamaphoyisa lusanda kuqeda ukusesha ibhilidi elingasebenzi.
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthe sebeseshe amabhilidi amaningi endaweni.
Babophe okungenani abantu bakwamanye amazwe abangu-120 ngamacala ehlukene, okuhlanganisa ukutholakala nezidakamizwa, amadola aseMelika omgunyathi kanye nokuba sezweni ngokungekho emthethweni.