I-SA Weather Service isikhiphe isexwayiso mayelana nezimo eziyingozi kakhulu zomlilo ezindaweni eziningi e-KZN ngoLwesibili.
I-KZN Cogta ithi amathimba abhekelele izinhlekelele aqaphile.
Lesi sexwayiso sikhombisa ukuthi iKZN izoba nezimo ezomile nezishisayo namuhla, okuzonyusa amathuba okubhebhetheka kwemililo ngokushesha.
Ngenyanga edlule, imililo yequbula yadlula nemiphefumulo engu-14, yacekela phansi imizi kanye nezinkulungwane zamahektha omhlaba.
Okhulumela iKZN Cogta, uSenzo Mzila, uthe amathimba abekwe ezindaweni ezivame ukuqubuka umlilo.
“Izakhamizi kuso sonke isifundazwe ziyanxuswa ukuthi ziqaphe kakhulu ngenxa yokwanda kwengozi yomlilo wequbula ngaphansi kwalezi zimo.
Izifunda ezisengcupheni kakhulu kubalwa iZululand, Harry Gwala, uThukela, Amajuba, uMkhanyakude, uMzinyathi, noMgungundlovu.”