Emva kwemiphiko ekhathaze amakhasimende amaningi ebhange labantu iThala , uNgqongqoshe wokuthuthukiswa komnotho nezokuvakasha kulesifundazwe uMfu Musa Zondi ehambisana nabaphathi bebhange babe nesithangami nabezindaba eThekwini.
Izikhulu eziphezuli zithi ibhange lizoqhubeka lisebenze njengojwayelekile azikho izimali zabantu ezizothikamezeka kodwa kunezinto abazilungisayo ukuze bakwazi ukuthola ilecence ye Financial service Provider yolunye uphiko lwabo okwamanje bazolufaka ngaphansi kolunye ulunemvumo kuzekuba kulunga lolu abalulungisayo manje.
UNgqongqoshe uthe kunke kuhamba kanhle bayasebenzisana nabaholi balelibhange ukulungisa konke okudingekayo ukuze kutholakale ilicence ube esegxeka ihaba labezindaba nathi babe ngabathungeli bomlilo benza abantu bakhushukelwa ngushukela bezibuza ngokuphepha kwezimali zabo.
Amakhasimende awangakhathazeki.